31. Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela.
32. Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela.
33. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;
34. waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina.
35. Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’
36. “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?”
37. Sathi: “Yilowo owamenzela isihawu.”Wayesethi uJesu kuso: “Hamba wenze njalo nawe.”
38. Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe.
39. Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.