Ngokukaluka 10:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona.

2. Yathi kubo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.

3. Hambani; bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi.

4. Ningaphathi sikhwama, nayika, nazicathulo, ningabingeleli muntu endleleni.

5. “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: ‘Ukuthula makube kule ndlu.’

6. Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini.

7. Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.

8. “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu,

9. niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’

10. Kepha nakumuphi umuzi eningena kuwo, benganamukeli, phumelani ezitaladini zawo, nithi:

11. ‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’

Ngokukaluka 10