Ngokukajohane 9:14-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.

15. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”

16. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.”Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

Ngokukajohane 9