Ngokukajohane 8:56-59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

56. U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”

57. Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?”

58. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”

59. Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

Ngokukajohane 8