Ngokukajohane 8:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo.

2. Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.

3. Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo,

4. bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga.

5. Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?”

6. Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

Ngokukajohane 8