Ngokukajohane 7:48-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

48. Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?

49. Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”

50. Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo:

51. “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”

52. Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”

53. Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.

Ngokukajohane 7