Ngokukajohane 7:38-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”

39. Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.

40. Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”

41. Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?

42. Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

43. Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.

44. Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.

45. Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”

46. Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”

47. Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na?

48. Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?

49. Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”

50. Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo:

51. “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”

52. Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”

53. Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.

Ngokukajohane 7