Ngokukajohane 7:28-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

29. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

30. Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

31. Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

Ngokukajohane 7