Ngokukajohane 7:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.

17. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.

18. Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.

19. UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

20. Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

21. UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.

22. Ngokuba uMose uninikile ukusoka -- kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho -- niyamsoka umuntu nangesabatha.

Ngokukajohane 7