11. Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”
12. Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”
13. Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.
14. Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.
15. Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”
16. Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.
17. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.
18. Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.
19. UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”
20. Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”
21. UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.
22. Ngokuba uMose uninikile ukusoka -- kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho -- niyamsoka umuntu nangesabatha.
23. Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?
24. Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
25. Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?