Ngokukajohane 6:65-71 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

65. Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”

66. Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.

67. Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”

68. USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.

69. Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

70. UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”

71. Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.

Ngokukajohane 6