Ngokukajohane 6:48-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

48. Mina ngiyisinkwa sokuphila.

49. Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa.

50. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.

51. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”

52. Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”

Ngokukajohane 6