48. Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49. Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa.
50. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.
51. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”
52. Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”