3. UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”
4. UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”
5. Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
6. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.
7. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’
8. Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”
9. UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”