23. Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”
24. Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.
25. Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.