Ngokukajohane 21:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”

11. Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga.

12. UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

13. UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi.

14. Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

15. Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”

16. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”

Ngokukajohane 21