Ngokukajohane 20:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;

9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.

10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.

11. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;

12. wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

13. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”

14. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.

15. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”

16. UJesu wathi kuye: “Mariya!”Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”

17. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”

18. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”

Ngokukajohane 20