23. Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;
24. kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,
25. nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.