Ngokukajohane 2:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

23. Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;

24. kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,

25. nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

Ngokukajohane 2