Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.