Ngokukajohane 19:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya.

2. Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;

3. aya kuye, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Ammukula.

4. UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: “Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.”

5. Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”

Ngokukajohane 19