Ngokukajohane 18:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi.

7. Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?”Bathi: “UJesu waseNazaretha.”

8. UJesu waphendula wathi: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,”

9. ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”

10. USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.

11. Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”

12. Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;

13. baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.

14. UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umumtu abe munye ngenxa yesizwe.

Ngokukajohane 18