Ngokukajohane 18:15-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;

16. kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru.

17. Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?”Wathi yena: “Angisiye.”

18. Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha.

19. Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe.

20. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.

21. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”

22. Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”

23. UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?”

24. U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.

25. Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?”Waphika yena, wathi: “Angisiye.”

26. Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?”

27. Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.

28. Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.

29. Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?”

30. Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.”

31. Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.”Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,”

32. ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.

33. UPilatu wabuye wangena enqabeni, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

34. UJesu waphendula wathi: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?”

35. UPilatu waphendula wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?”

Ngokukajohane 18