Ngokukajohane 16:10-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

11. ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.

12. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.

13. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.

14. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.

15. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.

16. “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”

17. Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?”

18. Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”

Ngokukajohane 16