Ngokukajohane 15:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Ozonda mina uzonda noBaba.

24. Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

25. Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’

26. “Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

27. Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

Ngokukajohane 15