Ngokukajohane 15:10-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

11. Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

12. “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

13. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

14. Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

Ngokukajohane 15