Ngokukajohane 14:21-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

22. UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”

23. UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

24. Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

Ngokukajohane 14