4. wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica.
5. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
6. Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”
7. UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”
8. UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”
9. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”