Ngokukajohane 13:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”

12. Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na?

13. Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.

14. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.

15. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.

Ngokukajohane 13