Ngokukajohane 12:37-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye

38. ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi:“Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na?Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

39. Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

40. “Uphuphuthekisile amehlo abo,wayenza lukhuni inhliziyo yabo,funa babone ngamehlo,baqonde ngenhliziyo,baphenduke, ngibaphulukise.”

41. U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.

42. Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*

43. ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Ngokukajohane 12