3. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.
4. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi:
5. “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?”
6. Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.
7. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.
8. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”