Ngokukajohane 12:27-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. “Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.

28. Baba, khazimulisa igama lakho.”Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”

29. Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

30. UJesu waphendula wathi: “Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.

31. Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.

32. Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”

Ngokukajohane 12