Ngokukajohane 11:36-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”

37. Kepha abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na?”

38. Ngakho uJesu, ebubula futhi phakathi kwakhe, wafika ethuneni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo.

39. Wathi uJesu: “Susani itshe.”UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.”

Ngokukajohane 11