Ngokukajohane 11:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile;

15. ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

16. Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17. Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni.

Ngokukajohane 11