Ngokukajohane 11:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.

2. UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.

3. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”

4. UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.”

5. Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.

Ngokukajohane 11