18. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”
19. Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.
20. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”
21. Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”
22. Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.
23. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni.
24. Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”
25. UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami.