Kwabaseroma 9:23-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,

24. thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?

25. Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi:“Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami,nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;

26. nasendaweni lapha kwathiwa kubo:‘Anisibo abantu bami,’lapho bayakubizwa ngokuthi:‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”

27. U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi:“Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeliungangesihlabathi solwandle,yinsali eyakusindiswa,

28. ngokuba iNkosi iyakufezaizwi layo emhlabeni,iliphelelise, ikhawuleze,”

Kwabaseroma 9