Kwabaseroma 9:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.

17. Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”

18. Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.

Kwabaseroma 9