Kwabaseroma 4:3-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”

4. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;

5. kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,

6. njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:

7. “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo,nabazono zabo zisitshekelwe;

8. ubusisiwe umuntuiNkosi engayikumbalela isono.U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”

9. Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.

10. Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.

Kwabaseroma 4