3. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”
4. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;
5. kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,
6. njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:
7. “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo,nabazono zabo zisitshekelwe;
8. ubusisiwe umuntuiNkosi engayikumbalela isono.U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”
9. Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.
10. Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.