Kwabaseroma 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na?

2. Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha.

3. Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”

4. Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;

Kwabaseroma 4