Kwabaseroma 3:9-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,

10. njengokuba kulotshiwe ukuthi:“Akakho olungileyo,akakho noyedwa;

11. akakho oqondayo,akakho ofuna uNkulunkulu;

12. bonke baphambukile,baphenduke imbuqa bonkana;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.

13. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo,ngezilimi zabo bayakhohlisa,isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;

14. umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;

15. izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,

16. incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,

17. indlela yokuthula abayazi.

18. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”

19. Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,

20. ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.

21. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,

Kwabaseroma 3