Kwabaseroma 16:16-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.

17. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;

18. ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.

19. Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.

20. Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.

Kwabaseroma 16