Kwabaseroma 16:15-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo.

16. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.

17. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;

18. ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.

19. Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.

20. Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.

21. Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.

22. Mina Tertiyu engilobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.

23. Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane.

24. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.

25. Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade

26. kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa,

27. kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

Kwabaseroma 16