Kwabaseroma 16:1-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya,

2. ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.

3. Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,

4. abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.

5. Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.

6. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.

7. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami.

8. Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini.

9. Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.

10. Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu.

11. Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini.

12. Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.

13. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame.

14. Khonzani ko-Asinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo.

15. Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo.

16. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.

17. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;

18. ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.

Kwabaseroma 16