Kwabaseroma 14:21-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.

22. Ukukholwa onakho, yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;

23. kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

Kwabaseroma 14