7. Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,
8. njengalokho kulotshiwe ukuthi:“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,amehlo okungaboni,nezindlebe zokungezwa,kuze kube lusuku lwanamuhla.”
9. NoDavide uthi:“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,nesikhubekiso nempindiselo kubo,
10. kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,ugobe umhlane wabo njalo.”
11. Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.
12. Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.