Kwabaseroma 11:24-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.

25. Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;

26. kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:“Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,asuse ukungalungi kuJakobe.

27. Yilesi isivumelwano sami nabo,lapho ngisusa izono zabo.”

28. Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,

29. ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.

30. Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,

31. kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.

32. Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.

33. Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

34. Ngokuba“ngubani owawazi umqondo weNkosi na?Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”

35. Noma“ngubani owaqala ukuyiphaukuba kubuyiselwe kuye na?”

Kwabaseroma 11