1. UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,
2. alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele
3. mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,
4. eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu
5. esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,