Kwabasekolose 2:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;

10. nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,

11. enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;

12. nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

13. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu;

14. esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;

Kwabasekolose 2