5. Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.
6. Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,
7. nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
8. Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.
9. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;
10. nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,
11. enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu;