Kwabasegalathiya 5:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

14. Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”

15. Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.

16. Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

17. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

18. Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

Kwabasegalathiya 5